Amandla Engqondo
Hlanganyela nabantu
Uhlaka lokweseka ingqondo yakho.
Ukuxhumana nabantu kuwukudla kwengqondo. Njengoba nocingo lwakho ludinga i-network ukuze lusebenze, ingqondo yakho ichuma ngokuxhumana nabantu. Ukuxhumana nabanye nakanjani kunika ingqondo yakho amandla, idedele amakhemikhali enjabulo.
Kuzwakala sengathi
Unesignali yeWiFi enamandla uma kuqhathaniswa nokungadonsi nhlobo kocingo.
Kungani kukulungele
- Uzizwa usemseni ungaxakwa yilutho emphefumulweni
- Ubhekana kangcono nezinselele zempilo
- Ziyaqina izinhlaka zengqondo namasosha omzimba
Bewazi nje?
Indlela okusiza ngayo ingqondo yakho
- Ukudibana nabantu kuvukuza ingqondo, kuqinise izinhlaka zokusebenza kwayo ukuze kukhumbuleke kalula, kuhluzeke ukucabanga nomqondo ukwazi ukugxila kangcono.
- Ukuxhumana nabanye kukhulula umphefumulo, kunciphise ingcindezi, kunikeze umuzwa wokuba yingxenye yabantu, konke okusiza kakhulu ukuphilisa ingqondo.
- Kusiza ekulawuleni imizwa, kuqinise ukukwazi ukuhlangabezana nezimo, ukwazi Ukuqina, konke okumqoka ekuphathekeni kahle emqondweni nasempilweni nje yonke yengqondo.
Awuzame lokhu
Amathiphu amathathu ashaya khona ngokuhlanganyela nabantu
- Idla isidlo esisodwa nsuku zonke nomndeni noma nabangane uma kungenzeka.
- Joyina inhlangano yomphakathi (ibandla, istokfela, ezemidlalo).
- De uqalaza umakhelwane noma umngani.