Amandla Engqondo

Hlanganyela nabantu

Uhlaka lokweseka ingqondo yakho.

Ukuxhumana nabantu kuwukudla kwengqondo. Njengoba nocingo lwakho ludinga i-network ukuze lusebenze, ingqondo yakho ichuma ngokuxhumana nabantu. Ukuxhumana nabanye nakanjani kunika ingqondo yakho amandla, idedele amakhemikhali enjabulo.

Kuzwakala sengathi

Feels like strong wifi signal

Unesignali yeWiFi enamandla uma kuqhathaniswa nokungadonsi nhlobo kocingo.

Why it's good for you

Kungani kukulungele

  • Uzizwa usemseni ungaxakwa yilutho emphefumulweni
  • Ubhekana kangcono nezinselele zempilo
  • Ziyaqina izinhlaka zengqondo namasosha omzimba
Bewazi nje?

Indlela okusiza ngayo ingqondo yakho

  • Ukudibana nabantu kuvukuza ingqondo, kuqinise izinhlaka zokusebenza kwayo ukuze kukhumbuleke kalula, kuhluzeke ukucabanga nomqondo ukwazi ukugxila kangcono.
  • Ukuxhumana nabanye kukhulula umphefumulo, kunciphise ingcindezi, kunikeze umuzwa wokuba yingxenye yabantu, konke okusiza kakhulu ukuphilisa ingqondo.
  • Kusiza ekulawuleni imizwa, kuqinise ukukwazi ukuhlangabezana nezimo, ukwazi Ukuqina, konke okumqoka ekuphathekeni kahle emqondweni nasempilweni nje yonke yengqondo.
How it helps your brain
3 Top Tips to Be Social
Awuzame lokhu

Amathiphu amathathu ashaya khona ngokuhlanganyela nabantu

  1. Idla isidlo esisodwa nsuku zonke nomndeni noma nabangane uma kungenzeka.
  2. Joyina inhlangano yomphakathi (ibandla, istokfela, ezemidlalo).
  3. De uqalaza umakhelwane noma umngani.