Amandla Engqondo

Iphonsele inselele ingqondo yakho

Indlela yokuqeqesha ingqondo yakho.

Ukufunda izinto ezintsha kufana nokwakha othelawayeka bemigwaqo engqondweni yakho. Ngesikhathi ufunda kakhulu, kuya ngokuqina nokushesha lokhu kuxhumana.

Kuzwakala sengathi…

Daily walks

Umehluko phakathi kokwelula izinyawo zonke izinsuku…

Sitting on the couch

…nokuhlala kusofa.

Regular mental challenges

Ukuvama ukuvivinya umqondo kwenza ingqondo ihlale ingumqemane futhi ishesha.

Why it's good for you

Kungani kukulungele

  • Ukucabanga okuhluzekile
  • Ukukhumbula kangcono, ubuciko nokufunda
  • Iyancipha ingozi yokuba impilo yengqondo ifadabale ngenxa yokuguga
Bewazi nje?

Kuyisiza kanje ingqondo yakho

  • Ukufunda izinto ezintsha kwakha imigudu emisha ebuchosheni, kwenze umqondo ukwazi ukuguquguquka nokubhekana nezimo ezintsha.
  • Kuqinisa imigudu ebuchosheni, umuntu akwazi ukukhumbula, ukucosha ulwazi, ukusebenzisa ubuhlakani namakhono okusombulula izinkinga.
  • Ukuhlale uvukuzwa umqondo kuwenza ukwazi ukubhekana ngqo nento, ugxile kuyo, futhi usebenze ngokushesha.
How it helps your brain
3 Top Tips to for better learning
Zama lokhu

Amathiphu amathathu ashaya khona okuhlala ubukhali

  1. Ungalindi ukuthi kwenzeke. Sebenzisa amasu aphusile zibekwa nje ukwenza ulwazi lunamathele ulukhumbule isikhathi eside. Kufana nokugcoba ukhilimu wokuvikela ilanga ngaphambi kokuba ilanga lidale umonakalo.
  2. Njengoba unyakazisa izicubu zomzimba, nomqondo uphonsele inselele ngokufunda izinto ezintsha. Ukufunda ulimi olusha yisibonelo esihle sokugcina ingqondo icijile futhi ishesha.
  3. Sebenzisa izinzwa eziningi (ukubona, umsindo, ukuthinta, njll) nokusebenzisa izindlela zokuzikhumbuza (uzihlole wena), nokuphindaphinda ngezikhawu (ulokhu ubuyekeza ngezikhathi ezithile) ukuze wakhe imikhondo eqinile yokukhumbula.