Amandla engqondo

Lala kahle

Ukuzihlela kabusha nokuthola amandla amasha kwengqondo yakho njalo ebusuku.

Cabanga ngokulala njengendlela yengqondo yakho yokukhuculula njalo ebusuku. Njengoba nedolobha lidinga amahora lapho sekuthule ukuze likhuculule imigwaqo yalo, nengqondo yakho idinga ukulala ukulahla imfucuza bese ilondoloza okuzokhunjulwa.

Kuzwakala sengathi ...

Refreshed mind illustration

Ngezinsuku ovuka ngazo ungumqemane, umqondo wakho uzizwa uhlahlambile – okufana nokuyongena ehhovisi elisanda kuhlanzwa kunokungena emfuhlumfuhlwini.

Poor sleep illustration

Ngezinye izinsuku, uma ulale kabi, ngisho imisebenzana engatheni kungathi uqwala intaba.

Why it's good for you

Kungani kukulungele

  • Kulula ukukhumbula nokufunda
  • Uyiqonda futhi uyilawule kangcono imizwa
  • Uthola umvuzo othe xaxa ngokunyakazisa igazi
Bewazi nje?

Kuyisiza kanje ingqondo yakho

  • Kugeqa ukungcola ngeGlymphatic System
  • Ukulala kuqinisa futhi kulondoloze izinkumbulo ukuze zitholakale emuva kwesikhathi eside.
  • Ukuphumula ngokusezingeni elifanele kubuyisa amandla kunike nengqondo umfutho wokusebenza ngeqophelo eliphezulu
How it helps your brain
3 Top Tips to Sleeping Better
Zama lokhu

Amathiphu amathathu ashaya khona okulala kahle

  1. Zibekele uhlelo olumile lokulala – ungene embhedeni uphinde uvuke ngesikhathi esisodwa zonke izinsuku, ngisho ngezimpelasonto.
  2. Gcina ilawu lakho lokulala lipholile, limnyama futhi lingenamsindo – kungabikhona ukukhanya (nokuvela kumakhalekhukhwini). Izinga lokushisa komzimba kwesingezansi nasengqondweni limqoka ekuzumekeni nasekuqhubekeni nokulala.
  3. Uma ungazumeki emuva kwemizuzu engu 20, phakama uphume embhedeni ubuye uzame uma sewozela. Ukuhlala embhedeni kungenza kubenzima ukuzumeka – futhi ingqondo ixhumanisa lomuzwa wokuphaphama nokuba sembhedeni.