Amandla engqondo

Yiba matasa

Okufaka ingqondo yakho umfutho.

Ukunyakaza kufana nokuvukuza umfutho wamandla engqondo yakho. Asikhulumi kuphela ngezicubu zomzimba – lelo nalelo gxathu olithathayo lithumela umyalezo wezinguquko ezikahle ngomqondo wakho.

Kuzwakala sengathi ...

Kuzizwa kufana nokuthola amandla

Uma unyakaza, kufana nokukhanyisa izibani emqondweni wakho. Konke kuyagqama, kucace, kubonakale kungenzeka.

Kungani kuhle kuwe

Kungani kukulungele

  • Kuqeda isibhocobhoco, kunciphise Ixhala
  • Kususa inkungu kucabangeke kahle
  • Kubangcono ukubhekana nezinkathazo zemihla
Bewazi nje?

Isizakala kanje ingqondo yakho

  • Ukunyakaza kwenyusa ukugijima kwegazi eliya engqondweni, okuletha umoya-mpilo obalulekile nezakhamzimba.
  • Ukuzivocavoca kudedela iBDNF (brain-derived neurotrophic factor) – efana nomlingo wokukhulisa amangqamuzana obuchopho, okusiza ekukhuleni kwawo nokuxhumana, okumqoka ekufundeni nasekukhumbuleni.
  • Ukunyakazisa umzimba kukhipha isibhocobhoco kunciphise nokukhathazeka.
Indlela esiza ngayo ubuchopho bakho
Amathiphu amathathu aphambili okuqalisa ukunyakaza
Zama lokhu

Amathiphu amathathu ashaya khona ngokunyakazisa umzimba kakhulu

  1. Kuxube ukujimela ukuqinisa inhliziyo nokwakha amandla (njengokuqubula izinsimbi nokujimela ukwehlisa isisindo).
  2. Phokophela ukuzivoca amahora amathathu ngesonto – ihora elilodwa ungazikhandli kakhulu ukuqinisa inhliziyo, ihora elilodwa lokuqinisa amandla, nehora elilodwa lokuziqeqesha uzikhandla kanzima izikhawu ukuze ihlomule kakhulu impilo yengqondo yakho.
  3. Khetha ukuzinyakazisa okuthokozelayo, noma ngabe ukudansa, ukubhukuda, noma ibhayisikili, kwenza ukuhlale unyakazisa umzimba kube mnandi.