Amandla engqondo
Yiba matasa
Okufaka ingqondo yakho umfutho.
Ukunyakaza kufana nokuvukuza umfutho wamandla engqondo yakho. Asikhulumi kuphela ngezicubu zomzimba – lelo nalelo gxathu olithathayo lithumela umyalezo wezinguquko ezikahle ngomqondo wakho.
Kuzwakala sengathi ...
Uma unyakaza, kufana nokukhanyisa izibani emqondweni wakho. Konke kuyagqama, kucace, kubonakale kungenzeka.
Kungani kukulungele
- Kuqeda isibhocobhoco, kunciphise Ixhala
- Kususa inkungu kucabangeke kahle
- Kubangcono ukubhekana nezinkathazo zemihla
Bewazi nje?
Isizakala kanje ingqondo yakho
- Ukunyakaza kwenyusa ukugijima kwegazi eliya engqondweni, okuletha umoya-mpilo obalulekile nezakhamzimba.
- Ukuzivocavoca kudedela iBDNF (brain-derived neurotrophic factor) – efana nomlingo wokukhulisa amangqamuzana obuchopho, okusiza ekukhuleni kwawo nokuxhumana, okumqoka ekufundeni nasekukhumbuleni.
- Ukunyakazisa umzimba kukhipha isibhocobhoco kunciphise nokukhathazeka.
Zama lokhu
Amathiphu amathathu ashaya khona ngokunyakazisa umzimba kakhulu
- Kuxube ukujimela ukuqinisa inhliziyo nokwakha amandla (njengokuqubula izinsimbi nokujimela ukwehlisa isisindo).
- Phokophela ukuzivoca amahora amathathu ngesonto – ihora elilodwa ungazikhandli kakhulu ukuqinisa inhliziyo, ihora elilodwa lokuqinisa amandla, nehora elilodwa lokuziqeqesha uzikhandla kanzima izikhawu ukuze ihlomule kakhulu impilo yengqondo yakho.
- Khetha ukuzinyakazisa okuthokozelayo, noma ngabe ukudansa, ukubhukuda, noma ibhayisikili, kwenza ukuhlale unyakazisa umzimba kube mnandi.