Amandla engqondo
Sukumela ingcindezi
Ivalvu yengcindezi yengqondo yakho.
Ingcindezi encane ingakukhuthaza – ukufunda ukubhekana nengcindezi kufana nokuba nesikhondlakhondla, esigcina ingqondo isesimweni esiseqophelweni eliphezulu ingapheli mandla.
Kuzwaka sengathi…
Umehluko phakathi kwembiza egxabayo enentuba yokukhipha umusi naleyo engenayo intuba.
Kungani kukulungele
- Kuncipha Ixhala, ukhululeke emoyeni
- Uyacija umqondo – ukwazi ukukhumbula nokugxila ngomqondo
- Ukuqina kwamasosha omzimba
Bewazi nje?
Kuyisiza kanje ingqondo yakho
- Ukunciphisa Amahomoni engcindezi anjengeCortisol kuphephisa amangqamuzana obuchopho ekulimaleni.
- Ukusukumela ingcindezi kuyawukhulula umphefumulo, kunciphise neXhala, okuholela ekukhumbuleni kangcono ukwazi nokugxilisa umqondo.
- Amasosha omzimba aqinile, elekelelwa ngukusukunyelwa kwengcindezi, eseka impilo yengqondo engcono.
Awuzame lokhu
Amathiphu amathathu ashaya khona okusukumela ingcindezi
- Veza indlela ozizwa ngayo ngokucula, ubuciko, ukubhala noma ukuxoxa indaba. Lezi zindlela zamakhono obuciko ziyakusiza ukususa ingcindezi, uthobeke emphefumulweni wakhe nobudlelwano obuqinile nabanye abantu.
- Zibumbele isithako sokulwa nengcindezi ngokusebenzisa indlela yokuphefumula, umnyakazo nokuphumula kahle (okuhambisana nezindlela zokunethezeka) ukuze ingcindezi ubhekane nayo ngendlela efanele.
- Zama indlela yokuphumula kanzulu ube ungalele, i-non-sleep deep rest (NSDR) – uyicabange njengokupotopotozwa engqondweni lapho usuke ujulile ekunethezekeni kodwa ungalele.