Amandla engqondo
Yazi umzimba wakho
Uhlelo lokuxwayisa lwengqondo yakho.
Umzimba wakho njalo uthumela imiyalezo mayelana nempilo yengqondo yakho. Ingqondo yakho nomzimba kusebenza ngokubambisana – uma okunye kugula, okunye nakho kuyezwela. Ukukwazi ukufunda lezi zimpawu kufana nokuba nendlela esheshe ikhiphe isixwayiso ngengqondo yakho.
Kuzwakala sengathi…
Ukuba nohlelo lwezokuphepha lobuchwepheshe obuphambili uma uqhathanisa nokuvele uzibe yonke imisindo exwayisa ngengozi.
Kungani kukulungele
- Ukushesha ukuzibona izinkinga zezempilo
- Ukushesha ukwelulama ekuguleni
- Ukuncipha komthelela wokugula ekusebenzeni kwengqondo
Bewazi nje?
Indlela okusiza ngayo ingqondo yakho
- Ukusheshe kubambeke ukuhlabeka empilweni kwenza nokwelashwa kuphuthume kunciphe namathuba okulimala engqondweni yakho.
- Ukuqonda ukuthi ukugula kuyithinta kanjani ingqondo yakho kuyakusiza ukuqikelela ukuphumula nokwelulama, okwenza ingqondo yelulame ngokushesha.
- Ukuvama ukuyozibheka isimo sempilo kuyasiza ukunqanda okungaba yinkinga ngokuhamba kwesikhathi futhi kuqinisekisa ukuthi ingqondo iyaqhubeka nokusebenza ngokuyikho.
Zama lokhu
Amathiphu amathathu ashaya khona ukuze uwazi kangcono umzimba wakho
- Zejwayeze ukuyohlola umfutho wegazi emtholampilo wakho – ukuphuthuma ukuwulawula umfutho wegazi ophezulu kuyasiza ukunqanda umonakalo emithanjeni emincinyane yegazi eletha umoya-mpilo ebuchosheni bakho.
- Yidle ngokwemiyalelo imithi oyinikiwe, okusiza ukulawula izimo obhekene nazo, njengoshukela, ezingadala enye ingozi engqondweni ngokuhamba kwesikhathi.
- Zejwayeze ukuzihlola wena umzimba wakho - ukuqaphela futhi uqophe phansi izinguquko kuyasiza ukweyamanisa izimpawu eziyisexwayiso nokusebenza kwengqondo, njengomphumela wokungalali kahle uma umqondo sekufanele ugxile kokuthile.