Amandla Engqondo
Yidla ngokufanele
Amafutha engqondo yakho.
Ingqondo yakho ifana nemoto enamandla kakhulu – idinga amafutha ekhethelo ukuze igijime kangcono.
Ukudla okudlayo kunomthelela ngqo endleleni ingqondo yakho esebenza ngayo namhlanje nokuthi ihlale iphilile kuze kube kusasa.
Kuzwakala sengathi…
Umehluko wokusebenzisa iselula yakho ngelahle elicimayo….
uma uliqhathanisa neligcwele mfi.
Kungani kukulungele
- Ukukhumbula kangcono
- Isimo sengqondo esingcono nokucabanga ngokucacile
- Ukuncipha kwamathuba okugula ngokwengqondo
Bewazi nje?
Kuyisiza kanje ingqondo yakho
- Ukudla ngendlela efanele kuhlinzeka ngamavithamini abalulekile, ama-minerali, nama-antioxidants, okuyiwo isisekelo samangqamuzana obuchopho nama-Neurotransmitters.
- Kwenza kutholakale amandla – njengoba nemoto idinga amafutha, ingqondo yakho idinga amandla ewathola ekudleni ukuze isebenze ngokufanele. Lokhu kwenza umqondo uqoqeke futhi ugxile entweni.
- Ukudla ngendlela enempilo kuvikela amangqamuzana obuchopho ekulimaleni, uzizwe usesimweni esingcono ngokomqondo, kutholakale nezakhamzimba ezimqoka ukuze kukhule amangqamuzana obuchopho alungiseke nxa ethintekile.
Zama lokhu
Amathiphu amathathu ashaya khona ngokudla ngokufanele
- Hlala unawo amanzi emzimbeni, uqinisekise ukuthi amanzi owaphuzayo ahlanzekile futhi aphephile.
- Yidla ukudla okunezilinganiselo ezifanele zamaprotheni njengenkukhu, amaqanda noma inhlanzi enamafutha ayimpilo nama-carbo akahle.
- Khetha ukudla okusha kanalokho okunongiwe – imifino emisha nokusanhlamvu okuphelele.