Ukukhandleka kwengqondo
Izimfuno zempilo zingezwakala zingenamkhawulo – noma ngabe ukubamba isikhathi sokuphothula umsebenzi, ukukhathazeka ngezimali noma ukulala ungalele. Lokhu kuvithika kwesimo sakho somqondo yikho esikubiza ngoku‘khandleka kwengqondo’.
Ngokuhamba kwesikhathi, lezi zingcindezi zingaguqula indlela ingqondo yakho esebenza ngayo, zithinte indlela ocabanga ngayo, ozizwa ngayo nobhekana ngayo nomhlaba. Uma umthwalo ususinda kakhulu, umzimba wakho uyangenelela. Amahomoni engcindezi ayadedeleka, aguqule indlela amangqamuzana obuchopho axhumana ngayo futhi aphazamise isilinganiselo samakhemikhali alawula indlela ozizwa nophatheke ngayo. Izimo zomzimba ezifana nokuvuvukala noma ukwenyuka komfutho wegazi nazo zingaphazamisa ukusebenza kwengqondo.
Okwenza ukukhandleka kwengqondo kuzwele kakhulu emiphakathini ethile
Ukuhlukumezeka, ingcindezi, Ixhala nokudangala kubunjwa ngokwenzeka emhlabeni ophila kuwo.
E-Afrika eseNingizimu, inhlanganisela yengcindezi ngenhlalo yomphakathi, umlando nengcindezi emnothweni ingenza lezi zinselele zizwakale zesinda nakakhulu.
Ukukhandleka kwezomnotho
Ukuntuleka kwemisebenzi okuphezulu nokungazinzi kwezezimali kuhlale kudala ingcindezi.
Ukuhlukumezeka okunomlando
Izizukulwane zobunzima nokungalingani enhlalweni yomphakathi kushiya izibazi zaphakade.
Ukusabela ukuphepha
Ukukhathazeka ngobugebengu nangokuphepha komuntu kungenyusa izinga lexhala nelengcindezi.
Ukungatholi ukwesekwa okupheleleyo ngezempilo yengqondo.
Ukwelashwa nemithi kuvame ukungafinyeleleki kukho, ikakhulu emiphakathini yasemaphandleni.
Ukucwaswa ngokwenhlalo yomphakathi
Izinkolelo ngokwamasiko zingawathena amandla okufuna usizo, abaningi bafele ngaphakathi.