Ingcindezi
Lapho ukuxineka kuba ngaphezu kwamandla.
Akuyo yonke ingcindezi embi – ingakwenza ugxilise umqondo ube uxinekile futhi ukwazi ukubhekana nengozi. Kodwa uma sekuyinto yakhona, ingqondo nomzimba kuyezwela. Amahomoni engcindezi agubuzela uhlelo lokusebenza kwakho, okwenza amaphaphu ahlale phezulu kakhulu. Ngokuhamba kwesikhathi, lokhu kungaholela ekutheni ube nexhala, ukudangala, izinkinga ngokukhumbula kuze kuqubuke izimo ezifana nomfutho wegazi ophezulu nesifo senhliziyo.
Kuzwakala sengathi…
Uzama ukuthi ikhanda lingacwili emanzini kuyilapho uthwele umthwalo oya ngokwesinda. Ngezinye izinsuku, uyakwazi ukutabalasa.
Ngezinye izinsuku, ngisho izinto ezincane, njengehuthi yetekisi noma umugqa omude – kuthi zisakaze phansi.
Indlela ingcindezi eyithinta ngayo ingqondo yakho
I-Cortisol ephezulu
Usesimweni sokuzama ukuziphephisa
iCortisol, okuyi ihomoni yengcindezi esiza kakhulu, ide yelekelela iziqutshana, kodwa uma amazinga ehlale ephezulu, yenza umzimba uhlale uqaphe isimo, okuholela ekubeni neXhala, kungalaleki kahle kukhathaleke kakhulu.
“Isikhungo sokulawula” ingqondo siyanyinyitheka
Akucabangeki into ecacile, izinqumo ezibhedayo
Isikhungo sokulawula ingqondo, i-Prefrontal Cortex – sinomsebenzi wokwenza izinqumo nokulawula ukuziphatha kwethu. Sithwala kanzima phansi kwengcindezi, okwenza kube nzima ukugxilisa umqondo, ukuhlela noma ukulawula imizwa yakho.
“Uhlelo lokwexwayisa’’ lwengqondo lusebenza ngokweqile
Uhlale umi ngamazonzwane
“Uhlelo lokwexwayisa” lwengqondo (indawo yobuchopho ebizwa nge- Amygdala) luzwela ngokweqile, okwenza ngisho ukuxineka okuncane nje kuzwakale kukugubuzela, kukushiye uzizwa wesaba futhi unexhala.
Ukuvuvukala
Ukunqamuka kokuxhumana engqondweni
Ukuba ngaphansi kwengcindezi isikhathi eside kudala ukuvuvukala emzimbeni, okungaphazamisa izinkomba zokusebenza kwengqondo. Lokhu kungaholela ekufiphaleni kwengqondo, ukuncishelwa wumfutho nokwanda kwamathuba engozi yokudangala.
Ukuphazamiseka kwamakhemikhali engqondo
Ukudikibala, nokungakhuthazeki
Ingcindezi iphazamisa amakhemikhali akwenza “uzizwe ukahle”. Lokhu kuchaza ukuncishelwa wumdlandla nenjabulo, okungaba nomthelela ekubeni neconsi nokuzizwa udabukile.
Zihlole masinyane
Kunzima ukwazi ukuthi isisindo sengcindezi singaphezulu kakhulu ngaphandle uma ubuyela emuva kancane. Le ndlela elula iyakusiza ukuzibona ukuthi umiphi. Ayikwehluleli, ibheka nje ngezimfishane ukuthi ngabe ingcindezi ikuphethe kanjani.
Zihlole wena lapha
THOLA USIZO
Xhumana nenombolo yosizo yamahhala manje ubusuku nemini ukuze uthole ukwesekwa nozwelo.
Uma wena noma othandiweyo wakho nithwele kanzima ngezinselele eziphathelene nempilo yengqondo, awudingi ukubhekana nalokho wedwa.
INombolo yakwa SADAG yosizo ngezinhlekelele amahora angu 24
0800 567 567