UKUKHANDLEKA KWENGQONDO

Ixhala

Uma ukukhathazeka kungapheli.

Ukuba nexhala akugcini nje ngokuzizwa unovalo; yindlela umzimba wakho ozwela ngayo ezinsongweni noma ukucindezeleka okungenzeka kungabi kukhulu njengoba kubonakala. Nakuba ixhala elingatheni lingakusiza ukuba uhlale uqwashile, uma lingasapheli, lingayigwinya impilo yakho ligxambukele kuyo yonke into kusukela ebudlelwaneni kuya empumelelweni ngokomsebenzi.

Kuzwakala sengathi…

Anxiety feeling illustration - on edge

Uhlale umincile, ulindele ukuthi kubekhona okungahambi kahle.

Anxiety feeling illustration - racing thoughts

Noma kungekho lutho oluphuthumayo okumele uzikhathaze ngalo, umqondo wakho uyagijima. Into encane ekukhathazayo iphenduka isishingishane semicabango.

Anxiety feeling illustration - physical symptoms

Uzizwa ungenalo uzinzo, uthuthumela noma ngesinye isikhathi uze ugule emzimbeni ngenxa yesisindo semicabango yakho.

Indlela Ixhala eliyithinta ngayo ingqondo yakho

“Isikhungo esilawula” ingqondo siyanyinyitheka

Kunzima ukugxila, Ukwenqena Ukuthatha Izinqumo

I-Prefrontal Cortex yakho iyindawo yobuchopho esiza ukulawula imizwa nokwenza izinqumo. Uma ixakwe yixhala, kunzima ukugxilisa umqondo, ucabanga kaluvindi uthathe nezinqumo ezingaphusile.

“Uhlelo lokwexwayisa’’ lwengqondo lusebenza ngokweqile.

Uhlale uqaphe kakhulu

“Uhlelo lokwexwayisa’’ lwengqondo (I-Amygdala) luba nokuzwela kakhulu, okwenza izinto ezincane zibonakale njengobungozi obukhulu. Lokhu kufaka umuzwa wokuhlala wesaba futhi unexhala, noma kungekho ngozi empeleni.

Ukuphazamiseka kwamakhemikhali obuchopho

Ukuba neconsi nezinto zihlale zishubile

Ingcindezi ithinta isilinganiselo samakhemikhali obuchopho, okuholela ekuguquguqukeni kwendlela ozizwa ngayo, ungabi nokukhuthazeka futhi uhlale uzizwa umincile.

Self assessment icon

Ukuzihlola masinyane

Uyazibuza ukuthi ixhala lakho alisalawuleki? Yenza lesi sivivinyo esisheshayo ukuzibona ukuthi uyisima kanjani. Akukho ukucindezeleka, yindlela elula nje yokuhlola ukuthi uzizwa kanjani.

Zihlole wena lapha > Right arrow
Get help icon

THOLA USIZO

Xhumana manje nenombolo yamahhala yosizo ngenhlekelele ubusuku nemini ukuze uthole ukwesekwa nozwelo.

Uma wena noma othandiweyo wakho nithwele kanzima ngezinselele eziphathelene nempilo yengqondo, awudingi ukubhekana nalokho wedwa.

INombolo yakwa SADAG yosizo ngeNhlekelele Yokuzibulala

0800 567 567