Ukuhlukumezeka
Lapho uzizwa uzanyazanyiswa.
Ukuhlukumezeka akuyona nje into embi, kuyilapho kwenzeka into egubuzela ukukwazi kwengqondo nomzimba ukumelana nayo. Ngaphandle kokwesekwa, ukuhlukumezeka kungaba yithunzi elikulandelayo, lithinte ubudlelwano, umsebenzi nempilo yansuku zonke. Kungaba nawukhondolo, olwedluliselwa emindenini nasemiphakathini. Ukuqonda ngokuhlukumezeka kuyisinyathelo sokuqala sokubuyisela umuzwa wakho wokuphepha nokusilawula isimo.
Kuzwakala sengathi…
Uhlelo lwakho lwemizwa lusesimweni sokuqapha kakhulu.
Umhlaba uwuzwa njengendawo eyingozi, okungenzeka noma yini kuyo.
Izinto ezingasho lutho – njengokushayela udlule lapho ukuhlukumezeka okwenzeka khona, ukuzwa umsindo isigubhukane, noma ukuba sezixukwini – kushayisa mawala inhliziyo.
Ungase uzizwe ungaxhumene nobathandayo, kube sengathi ubuka impilo ungemuva kodonga lwengilazi.
Kwenzekani engqondweni yakho?
Ukulwa-ukubaleka-ukuthithibala
Ukwethuka izanya, ukukhathala kakhulu
Uhlelo lwengqondo yakho lokwexwayisa luhlale lucijile, okukwenza ume ngamazonzwane, ukhameke amandla.
Ukuphazamiseka kokukhumbula
Ukubuya kwezithombe engqondweni nokuvela kwamagebe ekukhumbuleni
Ukuhlukumezeka kungenza ezinye izigameko ungazikhumbuli ukulandelana kwazo, okuholela ekutheni ngokuphazima kweso kubuye isithombe esicacile noma kube nzima ukukhumbula okunye okwenzeka.
Uhlelo lwemizwa
Okwenziwa wumzimba
Umzimba wakho uhlale ulungele ukubhekana nengozi, okudala ukwethuka ubala, kungalaleki nomzimba ubophane.
Ukulawula imizwa
Ukuzwela kakhulu
Imizwa eyejwayelekile ingezwakala ikugubezela, okuholela ekubhokeni ngolaka esikhaleni, izinyembezi noma ukungabi nazwelo lwalutho.
Umthelela enhlalweni yomphakathi
Ukungasondelani nabantu nokungethembani
Ukuhlukumezeka kungakwenza ungabaze ukwethemba abanye abantu nomhlaba uqobo, okwenza kube nzima ukugcina ubudlelwano.
Umxhantela wokuhlukumezeka
Kunzima ukugxilisa umqondo noma ukuhlelela ikusasa
Izigameko eziningi zokuhlukumezeka zivame ukubondelana, okwenza kube nzima kakhulu ukwelulama.
Nakhu okumqoka okufanele ukuqonde: ukuzizwa kanje akuzona izimpawu zobuthakathaka – kuyindlela ejwayelekile ingqondo nomzimba wakho okubhekana ngayo nezimo ezingajwayelekile. Okukwehlele yinto ekhona, indlela ozizwa ngayo iyaqondakala, futhi okumqoka kakhulu, ungelapheka.
Awuzihlole ngokushesha
Impilo isilethela okuningi, futhi kwenye inkathi kunzima ukubona uma sesithwele okungaphezu kwamandla – ikakhulu ngoba akufani ukuthi umuntu nomuntu ubhekana kanjani nokuhlukumezeka.
Ukuzihlola lapha kwenzelwe ukukusiza uqonde uma ngabe nawe ubhekene nesimo sokuhlukumezeka - futhi kusiza ukuqaphela okwenzeka empilweni yakho yemihla ngemihla okungahle kukhombe ukuthi kunodaba lokuhlukumezeka olukudlayo.
Zihlole wena lapha
THOLA USIZO
Xhumana nenombolo yosizo yamahhala manje ubusuku nemini ukuze uthole ukwesekwa nozwelo.
Uma wena noma othandiweyo wakho nithwele kanzima ngezinselele eziphathelene nempilo yengqondo, awudingi ukubhekana nalokho wedwa.
INombolo yakwa SADAG yosizo ngeNhlekelele Yokuzibulala
0800 567 567