Ukwesekwa kwengqondo
Imibuzo Evame Ukubuzwa ngempilo yengqondo
Ukuqonda impilo yengqondo kumqoka ekuphileni kahle jikelele. Izimo zempilo yengqondo zivamile futhi zingaba yinto yozalo, odlule kukhona empilweni, nokusebenza kwengqondo. Loluhlu Lwemibuzo Evame Ukubuzwa lubhekisisa ukuthi kungani izinkinga ngempilo yengqondo zivumbuka, ukuthi zingelashwa kanjani neqhaza lendlela ophila ngayo ekugcineni umqondo uphila.
Ubuchopho bomuntu osemusha busakhula, ikakhulu izingxenye (i-Prefrontal Cortex) ezilawula imizwa nokwenza izinqumo. Lokhu kukwazi ukunwebeka (plasticity) kwenza ingqondo ikwazi ukuguquka imelane nezimo ezehlukene, kodwa kwenza ulusha luyizwele kakhulu ingcindezi nezinselele empilweni yengqondo.
Ingxubevange yegazi lozalo, amakhemikhali obuchopho, izigameko empilweni (njengokuhlukumezeka nengcindezi), impilo yomzimba nokuthinta inhlalo yomphakathi (njengokuba wedwana noma izinkinga zemali).
Umuntu oyedwa kwabathathu eNingizimu Afrika uzoba nesimo sempilo yengqondo empilweni yakhe, kube ngoyedwa kwabane emhlabeni jikelele, okuvame kakhulu ukudangala nexhala. E-Sub-Saharan Africa (SSA), umuntu oyedwa kwabane uphila nesimo sokuthi wake wahlukumezeka; ababili kwabahlanu babhekana nokudangala; oyedwa kwabahlanu ukhombisa izimpawu zokuziphatha njengongazibulala, imicabango, amasu noma imizamo. E-SSA umuntu oyedwa entsheni unezinkinga ngempilo yengqondo – cishe abathathu kwabali 10 baxakwe yixhala kanti oyedwa kwabane unokudangala.
Yebo, njengezinselele empilweni yomzimba, izinselele zempilo yengqondo zingelashwa ngokwelashwa kwengqondo, imithi, ukuguqula indlela yokuphila, kanye nezinhlelo zokweseka. Ukuthola usizo ngokushesha kwenza imiphumela ibe ngcono kakhulu.
Ukuzivoca, ukudla okunempilo, ukulala okwanele, nokulawula ingcindezi kusiza ukugcina ingqondo iphila kahle, kweseke ukuphila kahle kwayo, ngokunciphisa Ukuvuvukala okuhlobene nezinselele zempilo yengqondo.
Xhumana ngokushesha nomngane othembekile, ilungu lomndeni, noma inombolo yosizo ngempilo yengqondo. Ukuzijwayeza izindlela zokuzinza noma ukufuna usizo lochwepheshe kungasiza ekunciphiseni ubunzima ngesikhathi senhlekelele. Thola usizo lapha.
Izingxenye ezehlukene zobuchopho namakhemikhali zilawula imizwa nezimpendulo zethu engcindezini njenge-Prefrontal Cortex ne-Amygdala. Amakhemikhali noma Ama-Neurotransmitters afana ne-serotonin ne-dopamine abaluleke kakhulu. Lapho lezi zingasebenzi kahle, kungaba nomthelela empilweni yengqondo.