Ochwepheshe bezempilo yengqondo
Odokotela abaningi babiza ngokungefani, kanti izikhungo zikahulumeni zimahhala noma zibize kancane. AmaMedical Aid nawo asiza ngokwahlukana.
Njengoba sinodokotela bezingxenye ezehlukene zemizimba yethu, sinochwepheshe abehlukene bempilo yengqondo yethu. Noma ngabe udinga umuntu ongakhuluma naye, izeluleko ezisebenzayo noma ukwesekwa kwezokwelapha, kukhona uchwepheshe oqeqeshelwe ukusiza.
Ukuthola ukwesekwa okufanele
Ongoti bezengqondo - Psychiatrists
Ukuba nodokotela obhekene ngqo nempilo yengqondo yakho
Bangodokotela bezokwelapha abakwazi ukukuyalela imithi nokwelapha izimo ezixakile.
Kufinyeleleka kubo ngokuthunyelwa ngudokoteka emtholampilo/esibhedlela (akukhokhwa, kulindwa isikhathi eside), noma odokotela abazisebenzayo (okuhambisana nezindleko). Thola kabanzi ngokusebenzisa: izincwadi ezinamagama amaMedical Aid, izinkampani zezibhedlela noma iSASOP (South African Society of Psychiatrists), Inhlangano yoDokotela Bengqondo eNingizimu Afrika.
Ongoti bezengqondo ama-Psychologists
Umhlahlandlela wakho ezinselelweni ezijulile zempilo.
Baqeqeshiwe ukusiza kukho konke kusukela ekubeni nexhala kuya ekuhlukumezekeni, besebenzisa izindlela ezisebenza ngempela. Bathole ngokusebenzisa: Izibhedlela zikahulumeni zendawo, ubheke i-inthanethi, i-PsySSA (Psychological Society of South Africa), Inhlangano Yezengqondo YaseNingizimu Afrika, ezinye izikhungo zomphakathi namanyuvesi.
Abeluleki (ababhaliswe e-HPCSA)
Umuntu ozolokhu enawe ngezikhathi ezinzima.
Bathathe njengabantu abanekhono lokulalela abangakusiza ukwedlula engcindezini, umunyu, noma izinkinga ebudlelwaneni – kodwa abangazelaphi izimo ezinzima. Thola ngokusebenzisa: incwadi ye-HPCSA, izikhungo zezempilo zomphakathi.
Osonhlalakahle
Ibhuloho elikuwelisela ekwesekweni emphefumulweni nangezindlela ezibambekayo.
Kabagcini ngokubeka indlebe nokukukhombisa indlela, kodwa bayakwazi nokukuxhumanisa nezinsiza uma sekushuba kakhulu empilweni.
Bangongoti kukhona kokubili ukweluleka nokukuxhumanisa nalapho kutholakala khona usizo olubambekayo – kusukela ekutholeni indawo yokuhlala kuya ekunakekelweni ngezempilo. Thola ngokusebenzisa: Izinsiza zamahhala zikahulumeni - UMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi | 0800 428 428, izinhlangano zomphakathi.
Ochwepheshe basemsebenzini (bempilo yengqondo)
Ozakwenu ukukusiza ukubhekana kangcono nempilo yansuku zonke
Bakusiza ukucija amakhono asebenzayo nokuthola izindlela zokuthi okwenza nsuku zonke kukusebenzele. Thola ngokusebenzisa: i-OTASA (Occupational Therapy Association of South Africa), Inhlangano Yezokwelapha YaseNingizimu Afrika), izibhedlela, izikhungo zokukubuyisela esimweni esifanele, izindawo ezizimele. Kuyakhokhwa.
Abeluleki ngokuphila kahle ababhalisiwe kwa- ASCHP
Ozakwenu ekukhuleni komuntu siqu.
Bagxila ekukusizeni uphile kangcono, uzilinganisele empilweni, kodwa kababona abelaphi. Thola ngokusebenzisa: incwadi ye-ASCHP, izikhungo zokuphila kangcono, izinhlelo zempilo ekahle zabasebenzi bezinkampani. Kuyakhokhwa.
Abeluleki abangebona ongongoti
Amalungu omphakathi anakekelayo anoqeqesho oluyisisekelo.
Bakupha indlebe ngemfudumalo bakweseke, okuhle kakhulu uma udinga nje umuntu ongakhuluma naye, kodwa kabaqeqeshelwe izingxaki ezixakile. Thola ngokusebenzisa: izikhungo zomphakathi zendawo, izinhlangano zenkolo, i-SADAG.
Amathiphu ajwayelekile okuthola ukwesekwa kwempilo yengqondo
Khumbula: Thatha isikhathi sakho ukukhetha, ngoba kufanele uthole ukwesekwa kwempilo yengqondo ozwana nakho.
- Cela udokotela wakho wezempilo (GP) akudlulisele kwabanye.
- Izibhedlela zikahulumeni, izibhedlela zesifunda zomphakathi nemitholampilo kusizana emazingeni ehlukene – ungase udinge ukudluliselwa yi-GP kwezinye izinsiza.
- Qala ubheke ohlwini lweMedical Aid yakho uma unayo
- Xhumana neSouth African Depression and Anxiety Group (SADAG), iNhlangano YaseNingizimu Afrika Yezokudangala neXhala | 0800 456 789 bakuchushise.
- Sebenzisa izindlela zokucinga ongoti bokwelapha kwi-internet.
- Bheka ukuthi umqashi wakho unalo yini uhlelo lokusiza abasebenzi, i-Employee Assistance Programme (EAP).
- Cabanga ngezindlela zokwelashwa ngokuxhumana ngocingo, okungalula ukufinyelela kuzo futhi zingabizi kakhulu
Njalo qinisekisa enhlanganweni ephethe ongoti bezempilo, iHealth Professions Council of South Africa (HPCSA), ukuthi okwelaphayo unegunya yini, futhi ungathandabuzi ukubuza ngezimali ezehlukene ezikhokhwayo uma ungaboni kahle. Abelaphi abaningi bayakushibhisela kuye ngokuthi uhola kangakanani.