Ukuzinakekela
Ukunakekela inhlalonhle yakho.
Yeseke impilo yengqondo yakho. Cabanga ukuzinakekela njengesipho ozipha sona. Kumayelana nokwenza izinto ezikusiza ukuba uvuseleleke, kunciphe ingcindezi, izinto zakho ziqonde – njengokulala ngokwanele noma ukudla ngokufanele. Ukuzinakekela akudingi ukuba nzima noma kumbe eqolo. Kungaba lula nje njengokuhamba phakathi kwemvelo, ukufunda incwadi noma ukuchitha isikhathi nobathandayo. Ukukwenza umkhuba ukuzinakekela kuyayisiza impilo yengqondo kwenze nawe uzibone ushayela phezulu – ngokunjalo nabanye.
Amathiphu ashaya khona empilo engcono yengqondo
- Yiba nesineke futhi ube nomusa kuwe.
- Qala kancane bese wandisa imizamo yakho kancane kancane.
- Thola umlingani wokuzinakekela ukuze akugcine ukhuthazekile
Ngokomzimba
Zama:
Ukuhamba epaki noma ehlathini – inhlanganisela enamandla yokunyakazisa umzimba, ukuphefumula nokusebenzisa zonke izinzwa zakho.
OKUHLE NGAKHO
- ✓ Kukwenza wesase
- ✓ Kwehlisa amazinga eXhala
- ✓ Ukwazi kangcono ukugxilisa umqondo
Kuyisiza kanjani ingqondo yakho
- ● Kwehlisa Amahomoni engcindezi, okwehlisa ingcindezi
- ● Kwenza ilawuleke kangcono imizwa, ukwazi ukulawula indlela ozizwa ngayo
- ● Yakha izinto zobuchopho nezinhlaka eziqinile zobuchopho
Ukuvukwa yimizwa
Zama:
Bhala izinto ezintathu obongayo ngazo usuku nosuku, okuzokusiza ugxile ezintweni ezinhle.
OKUHLE NGAKHO
- ✓Kusiza uzizwe ungcono kukho konke
- ✓ Uchitha isikhathi esincane ucabanga okukukhathazayo
- ✓ Uzizwa uthakasile
Kuyisiza kanjani ingqondo yakho
- ● Kuvusa imigudu yomvuzo – 'izinkinobho zenjabulo' zengqondo yakho.
- ● Kukusiza uqaphele kakhulu izinto ezinhle
- ● Kuvuthiswa izindlela ezinhle
Inhlalo yomphakathi
Zama:
Xhumana mathupha nabangane nomndeni, noma ujoyine amaqembu okweseka abathile, okukwenza uzizwe uyingxenye.
OKUHLE NGALOKHU
- ✓ Kuncane ukuzizwa unomzwangedwa
- ✓ Khuluma ngemizwa yakho
- ✓ Kuncipha ukukhathazeka, kuncipha ingcindezi
Kuyisiza kanjani ingqondo yakho
- ●Kuletha ukuzotha esikhungweni sengqondo sokukhathazeka nokwesaba – I-Amygdala
- ● Kunciphisa ingcindezi emzimbeni – kunciphe umzamo wokubhekana nayo
- ● Kukhipha amakhemikhali obuchopho okuzizwa kahle, njenge-oxytocin
Mayelana nengqondo
Zama:
Isikhathi sokuthula imizuzu emihlanu. Ukuziqeqesha ukuqaphela nokunaka okwenzeka manje, okwenza kube nguwe olawulayo.
OKUHLE NGALOKHU
- ✓ Ukugxilisa ingqondo kangcono
- ✓ Ukukhathazeka okuncane nokwesasa
- ✓ Ukuncipha kwengcindezi, ube nokuthula emphefumulweni
Kuyisiza kanjani ingqondo yakho
- ● Kuthulisa imicabango eminingi
- ● Kuqoqa kangcono ukuqaphela
- ● Siyancipha isiphithiphithi semicabango nokucabanga kakhulu
Khumbula: Ukuzinakekela kuwuhambo, hhayi lapho oya khona. Nyathela kancane kancane.
Izindlela zokuzinakekela
Izenzo ezincane zansuku zonke zingaba nomthelela omkhulu empilweni yakho yengqondo.
Nyakazisa umzimba wakho
Ukuvama ukunyakazisa umzimba kungasiza ukunciphisa ingcindezi, Ixhala, nokudangala futhi kwenze uphatheke kangcono emphefumulweni, uzethembe.
- Yelula izinyawo phakathi nemvelo
- Dansela umculo owuthandayo
- Zama ukuzelula kancane noma i-yoga
Zejwayeze ukubonga
Ukuzejwayeza ukukhombisa ukubonga kungayisiza impilo yengqondo yakho nempilonhle.
- Bhala phansi izinto ezintathu obongayo ngazo usuku nosuku
- Zejwayeze ukuzindla ngokomqondo
- Yabelana nabanye ngokubonga kwakho
Xhumana nabanye
Ukuxhumana nabantu kungathuthukisa impilo yakho yengqondo kanye nempilonhle
- Chitha isikhathi nabangani nomndeni
- Joyina iqembu lokweseka abathile
- Nikela ngokubamba iqhaza emphakathini wakho
Ukucabanga ujule nokuzindla
Ukucabanga ujule nokuzindla kungasiza ukunciphisa ingcindezi kwenze ngcono ukuphila kwengqondo
- Zejwayeze ukuzindla ngokujulile
- Zama ukusebenzisa i-App ekuchushisa ngokuzindla
- Yenza ukujula ngomcabango kube yingxenye yokwenza nsuku zonke