Ukwesekwa kwengqondo

Ukusiza abanye

Ungangenelela nini.

Ukwazi izimpawu ezixwayisa ngezinselele ngempilo yengqondo kufana nokuba nezidingo zosizo lokuqala – kukusiza ukuba ubone uma wena noma omaziyo engahle adinge ukwesekwa kakhudlwana.

Okufanele ukubheke

Sleep changes illustration

Izinguquko ngokulala

Ukulala kakhulu noma kancane kakhulu

Mood changes illustration

Ukuba neconsi

Ukujika isigubhukane endleleni ophatheke ngayo emphefumulweni

Isolation illustration

Ukuba wedwana

Ukuqhela kubangane nasemndenini

Eating changes illustration

Izinguquko ezindleleni zokudla

Ukudla kakhulu noma kancane kunokwejwayelekile

Physical signs illustration

Izimpawu emzimbeni

Ikhanda elibuhlungu, ukubophana emzimbeni, izinhlungu ezingaqondakali

Lost interest illustration

Ukungabi nandaba

Ukungathokozeli izinto ojwayele ukuzenza

Uma uqaphela lezi zimpawu kuwena noma omunye umuntu, funa usizo. Uma uzwa sengathi omthandayo usengozini yokuzilimaza yena noma abanye, xhumana nolunye lwezingcingo zosizo.

Thola usizo lapha Right arrow
Do's icon

Yenza

Vele usondele eduze

Ncika eduze kwabo, ngokwethembeka nangokuvuleleka. Bavumele bakutshele abakudingayo.

Lalelisisa kahle, ngaphandle kokwahlulela

Yiba khona ngokuphelele, lalela ungaphazamisi - ngisho ukunqekuzisa ikhanda kungaba lusizo.

Vumelana nemizwa yabo

Imizwa yabo ibalulekile - buza imibuzo evulekile efana nokuthi "Uzizwa kanjani muva nje?"

Jwayela ukuzomqalaza

Thumela umlayezo noma ubuze, "Uzizwa kanjani?" ukukhombisa ukuthi unaye kulokhu abhekene nakho

Nikeza usizo olucacile nolusebenzayo

Zama ukuthi “Ngizokwenzela isidlo sakusihlwa ngoMsombuluko?” noma "Uma usukulungele, singafuna ukwesekwa sinawe."

Don'ts icon

Ungalokothi

Uyithathe kancane indlela abazizwa ngayo

Benze bazi ukuthi kulungile ukwabelana ngemizwa yabo ngaphandle kokwesaba ukwahlulelwa.

Uzame ukuxazulula noma unikeze izeluleko ezingaceliwe

Ngezinye izikhathi badinga nje ukukhuluma. Lalela kunokuba uzame ngokushesha ukulungisa izinkinga zabo.

Ubaphoqe ukuba bakhulume

Badedele bagonyuluke ngesivinini sabo basho abakudingayo.

Ubacabangele, wenze sengathi uyazi ukuthi kwenzekani noma uqhathanise imizwa.

Uhambo lomuntu nomuntu lwehlukile. Ukuthi “Mina sengedlule kokunzima kunalokhu” kwenza isimo sibe sibi ngokwedlulele, kubukele phansi abakuzwayo.

Uchithe njengento engelutho

Impilo yengqondo akuyona indaba yokuthi uzimisele noma awuzimisele – ungalokothi usho izinto ezifana nokuthi “Akuyona into etheni” noma “Vele ukhohlwe yilento”. Ukubuyela esimweni kudinga isikhathi.

Khumbula ukuthi kumayelana nohambo lwabo, hhayi lwakho.